ABAMELELI ABABHALISIWE
Yini ummeleli obhalisiwe?
UMmeleli Obhalisiwe ngumuntu oqokwe ngamalungelo agcwele ukuba anqume egameni lesikhungo esisemthethweni (isib. Izinkampani, ama-Trust, njll.), kuvamise ukuba Yizisebenzi Zomphakathi, Abasebenzi BezobuGcinimabhuku, kumbe abasingathi bezindaba ezithinta isikhungo, njll. Uma isikhungo esisemthethweni sinabammeleli abangaphezu koyedwa, omunye wabo-ke kuyosho ukuba makaqokwe “njengomuntu ongummeleli osemthethweni” kwabakwa-SARS. Khumbula ukuthi ummeleli obhalisile kufanele abe ngobhalise nabakwa-SARS
Intuthuko kubameleli ababhalisiwe (isib. Abasebenzi BoMphakathi)
Ngokubhalisa kanye, ummeleli obhalisile (isib. Omele inkampani, noma uMsebenzi woMphakathi) usengakwazi manje ukwenza neminye imisebenzi kwi-eFiling, funda kabanzi lapha.
Ngubani ongaba ngummeleli obhalisiwe?
Laba abalandelayo bazokwamukeleka ukuba basebenze “njengabameleli ababhalisiwe”:
| Uhlobo Lwesikhungo Esisemthethweni | Ubunjalo Besikhungo | Isikhundla Sommeleli |
|---|---|---|
| Umuntu ngayedwana | Umuntu ngayedwana | Umzali/Umbheki, Umvelelimafa, Umabimafa, Umsingathi |
| | Izinkampani zabantu ngabodwana | Umvelelimafa, Umabimafa, Umsingathi |
| Izikhungo ezibhalise ngaphansi kweKhomishana yeMpahla Yobunjulabuchopho Nezinkampani. | INkampani kaHulumeni (SOC) | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Inkampani Ezimele (Pty) Ltd | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Inkampani Yomphakathi (Ltd) | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Personal Liability Company (Inc) | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Inkampani Engenzi Nzuzo (NPC) | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Inkampani Enqindwa Yisibopho | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Inkampani Yangaphandle | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Inkampani Yangaphandle Engenzi Nzuzo | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Inkampani Ebhaliswe ngokoMthetho waseNtilasifali | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Isikhungo Esiyinguyazana | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Inkampani Engenasithiyo | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Umfelandawonye Obungqangi | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Umfelandawonye Omaphakathi | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Umfelandawonye Ophakeme | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Umgwamanda Ongokomthetho kaHulumeni | Umsebenzi Womphakathi, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| Izikhungo ezibhaliswe njengezingezizo eze-CIPC | Ubulingani/ Ibhodi Yesikhungo Esingaphansi komthetho (BOPA) | Umlingani-nhloko, Umsebenzi Womphakathi (womlingani-nhloko lapho umlingani omkhulu engumuntu woMthetho) |
| | Amaqembu | Umgcinimafa, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Usoseshini Ongenzi Nzuzo | Umgcinimabhuku, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Izinhlangano Zezenhlalakahle | Umgcinimabhuku, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| | Izikhungo Zohulumeni baseMazweni | Umgcinimabhuku, Umnyibilikisi, Umsingathi |
| Amaqomangcebo | Iqomangcebo elinokusabufakazisi Amanye amaqomangcebo | Umbhekiqoma Omkhulu, Umnyibilikisi, Umvelelimafa, Umsingathi |
OSontela ababhalisiwe kusazodingeka ukuba balethe incwadi yegunya lokumelela njalo uma behambela igatsha futhi iprofayili yabo yakwi-eFiling ayizukuguquka.
Ngikuqinisekisa kanjani ukuthi ngingummeleli obhalisiwe?
Vakashela igatsha lakwa-SARS eliseduze nawe uphathe izidingo ezihambisana nalokhu (amaphepha asekelayo)bese uqopha phansi ubudlelwano bakho naloyo omsebenzelayo ohlelweni lakwa-SARS. Uma usubhalisile, usungaqala-ke ukusebenzisa i-eFiling ukuze wengamele imininingwane ebhalisiwe yolowo omsebenzelayo. Uzokwazi futhi ukwaba lolu hlelo kwabanye abasingathi be-eFiling.
Udinga usizo?
Shayela i-Call Centre yakwa-SARS ku-0800 00 SARS (7277) kumbe uvakashela igatsha lakwa-SARS elibuduze. Qiniseka ukuthi uza nayo yonke iminingwane efanele.